0:00
0:00

Isahluko 67

Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo. Igama. UNkulunkulu makabe nomusa kithina, asibusise; makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela
2 ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni, insindiso yakho kubo bonke abezizwe.
3 Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke.
4 Izizwe mazijabule, zethabe; ngokuba izizwe uzahlulela ngokulunga, uzihola izizwe emhlabeni. Sela
5 Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke.
6 Umhlaba uthelile izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.
7 UNkulunkulu uyasibusisa; imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.