0:00
0:00

Isahluko 60

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Umnduze; ubufakazi. IMiktamu likaDavide, ekulweni kwakhe nama-Aramu Naharayimi nama-Aramu Soba, uJowabe ebuya, enqoba abakwa-Edomi esiGodini Sikasawoti abayizinkulungwane eziyishumi nambili. Nkulunkulu usilahlile, usichithile; mawubuye usilulamise.
2 Uzamazamisile umhlaba, wawudabula izimfa; zivale izimfa zawo, ngokuba uyazamazama.
3 Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima; usiphuzisile iwayini, sabhuyazela. 60:3 AmaH. 75:8; Isaya 51:17,22; Jer. 25:15.
4 Abakwesabayo ubanike ibhanela ukuba liphakanyiswe ngenxa yeqiniso. Sela
5 Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe, sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele. 60:5 AmaH. 108:6.
6 UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi: “Ngiyakwethaba; ngiyakulidabula iShekemi, ngisilinganise isiGodi saseSukoti.
7 Ngowami uGileyadi, ngowami uManase; u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa. 60:7 Gen. 49:10.
8 UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela; phezu kuka-Edomi ngiphonsa isicathulo sami; yethaba ngami, Filistiya.” 60:8 Num. 24:17; 2 Sam. 8:1,2,13,14.
9 Ngubani oyakungiyisa emzini oqinileyo na? Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?
10 Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu. 60:10 AmaH. 44:9.
11 Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni, ngokuba ukusiza komuntu kuyize. 60:11 Jer. 17:5.
12 NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla; yena uyakunyathela phansi izitha zethu.