0:00
0:00

Isahluko 95

Wozani simhubele uJehova, sihlabelele ngenjabulo kulo idwala lensindiso yethu.
2 Masize phambi kobuso bakhe ngokubonga, sihlabelele kuye ngamahubo.
3 Ngokuba uJehova unguNkulunkulu omkhulu, uyinkosi enkulu phezu kwawonkulunkulu bonke.
4 Esandleni sakhe kukhona ukujula komhlaba; iziqongo zezintaba ngezakhe nazo.
5 Ulwandle ngolwakhe, walwenza; nomhlabathi owomileyo izandla zakhe zawubumba.
6 Wozani; masikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaJehova, uMenzi wethu.
7 Ngokuba yena unguNkulunkulu wethu, thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe. Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,
8 ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengaseMeriba, njengasosukwini lwaseMasa ehlane,
9 lapho oyihlo bangilinga khona, bangivivinya, babona umsebenzi wami.
10 Iminyaka engamashumi amane nganengwa yileso sizukulwane, ngaze ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile, abazazanga izindlela zami,”
11 engafunga ngabo olakeni lwami, ngathi: “Abasoze bangena ekuphumuleni kwami.”