0:00
0:00

Isahluko 142

IMaskili likaDavide esemhumeni. Umkhuleko. Ngiyakhala kuJehova ngezwi lami, ngincenga uJehova ngezwi lami.
2 Ngiyathulula ebusweni bakhe isikhalo sami, ngibonakalisa kuye inhlupheko yami.
3 Lapho umoya wami udangala phakathi kwami, wena uyawazi umkhondo wami; endleleni engihamba ngayo bangifihlele ugibe.
4 Bheka ngakwesokunene sami, ubone ukuthi akakho onginakekelayo; isiphephelo singiphuthele, akakho okhathalela umphefumulo wami.
5 Ngikhala kuwe Jehova, ngithi: “Wena uyisiphephelo sami nesabelo sami ezweni labaphilayo.”
6 Lalela ukukhala kwami, ngokuba ngicindezelekile kakhulu; ngikhulule kubo abangizingelayo, ngokuba banamandla kunami.
7 Khipha umphefumulo wami etilongweni ukuba ngibonge igama lakho; abalungileyo bayakungizungeza, ngokuba uyakungiphatha kahle.