0:00
0:00

Isahluko 53

Kumholi wokuhlabelela. NgeMahalati. IMaskili likaDavide. Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akakho uNkulunkulu,” iziphambeko zabo zimbi, ziyanengeka; akakho owenza okuhle. 53:1 AmaH. 10:4; 14:1.
2 UNkulunkulu esezulwini uyababheka abantwana babantu ukubona uma kukhona yini onokuqonda, ofuna uNkulunkulu. 53:2 Rom. 3:10.
3 Baphambukile bonke, bonakele bonke; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.
4 Abanakwazi yini abenza okubi, abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuNkulunkulu.
5 Besaba nokwesaba, lapho kungekho okwesabisayo; ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe; wena ubajabhisile, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.
6 Sengathi kungavela ukusindiswa kuka-Israyeli eSiyoni. Kuyakuthi lapho uNkulunkulu eguqula ukuthunjwa kwabantu bakhe, uJakobe ethabe, u-Israyeli ajabule.