0:00
0:00

Isahluko 109

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Ihubo. Ungathuli, Nkulunkulu wokubonga kwami.
2 Ngokuba umlomo womubi nomlomo wenkohliso bawuvulile ngakimi; bakhulumile ngami ngolimi lwamanga.
3 Bangizungeza ngamazwi enzondo; balwa nami, kungekho sizathu.
4 Ngenxa yothando lwami bayangizonda, mina ngisemkhulekweni njalo.
5 Bangibuyisele okubi ngokuhle, nenzondo ngothando lwami.
6 Beka omubi phezu kwakhe; makume omelene naye ngasesandleni sakhe sokunene.
7 Ekwahlulelweni kwakhe makalahlwe yicala; umkhuleko wakhe mawube yisono.
8 Izinsuku zakhe mazibe yingcosana, omunye athathe isikhundla sakhe.
9 Abantwana bakhe mababe yizintandane, umkakhe abe ngumfelokazi.
10 Abantwana bakhe mababe yizintandane, baphanze, bacele bekude nezindawo zabo ezichithekileyo.
11 Umtsheleki makabambe konke anakho, abafo baphange izithelo zomsebenzi wakhe.
12 Makungabikho omenzela umusa, futhi kungabikho ohawukela izintandane zakhe.
13 Inzalo yakhe mayinqunywe; igama layo malesulwe esizukulwaneni esilandelayo.
14 Ububi bawoyise mabukhumbuleke kuJehova; masingesulwa isono sikanina.
15 Mabeme phambi kukaJehova njalo, kunqunywe isikhumbuzo sabo emhlabeni.
16 Ngokuba wayengakhumbuli ukwenza umusa, kepha wazingela umuntu odingayo nompofu nodabukile ngenhliziyo ukuba ababulale.
17 Wathanda ukuthuka, kweza phezu kwakhe; wayengathokozi ngesibusiso, sahlala kude naye.
18 Wagqoka ukuthuka njengesambatho, kwangena ezibilinini zakhe njengamanzi, nasemathanjeni akhe njengamafutha.
19 Makube kuye njengesambatho asembathayo nebhande azibopha ngalo isikhathi sonke.
20 Lokhu makube ngumvuzo wezitha, uvela kuJehova, nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.
21 Kepha wena Jehova, Nkosi yami, ngiphathe ngokwegama lakho; njengokuba umusa wakho ulungile, ngisindise.
22 Ngokuba ngingodingayo nompofu; inhliziyo yami ilimele phakathi kwami.
23 Njengethunzi eselilide ngiyamuka; njengesikhonyane ngiyapheshulwa.
24 Amadolo ami abuthakathaka ngokuzila ukudla, nomzimba wami uswele ukukhuluphala.
25 Futhi ngaba yisihlamba kubona; bengibheka banikina amakhanda abo.
26 Ngisize, Jehova Nkulunkulu wami, ngisindise ngokomusa wakho,
27 ukuze bazi ukuthi lokhu kuyisandla sakho; wena Jehova ukwenzile.
28 Mabathuke bona, wena ubusise; nxa bevuka, mabajabhe; kepha inceku yakho mayithokoze.
29 Abamelene nami mabembeswe amahloni, bagqoke ukujabha njengesambatho.
30 Ngiyakumbonga uJehova ngomlomo wami, ngimdumise esixukwini.
31 Ngokuba uyakuma ngakwesokunene sompofu ukumsindisa kulabo abalahla umphefumulo wakhe.