0:00
0:00

Isahluko 61

Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. ElikaDavide. Yizwa, Nkulunkulu, ukukhala kwami, ulalele umkhuleko wami.
2 Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba, lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.
3 Ngokuba ubuyisiphephelo sami, inqaba eqinileyo ngakuso isitha.
4 Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade; ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho. Sela
5 Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami, wabanika ifa abalesaba igama lakho.
6 Uyakweleka izinsuku ezinsukwini zenkosi; iminyaka yayo iyakuba njengezizukulwane nezizukulwane.
7 Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade; yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze.
8 Khona ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade, ukuze ngigcwalise izithembiso zami imihla ngemihla.