0:00
0:00

Isahluko 71

Jehova, ngiyethemba wena; mangingajabhi naphakade.
2 Ngikhulule ngokulunga kwakho, ungihlangulise; beka indlebe yakho kimi, ungisindise.
3 Yiba kimi idwala lokuhlala, ukuze ngiye kulo njalonjalo; ukuyalezile ukusindiswa kwami, ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.
4 Nkulunkulu wami, ngikhulule esandleni somubi, esandleni songalungile nesonakeleyo.
5 Ngokuba wena uyithemba lami, Nkosi Jehova, ithemba lami kwasebusheni bami.
6 Ngencike kuwe kwasesiswini; nguwe owangikhipha ezibilinini zikamame; ukudumisa kwami kuyakuba ngawe njalo.
7 Nginjengesimangaliso kwabaningi, kepha wena uyisiphephelo sami esinamandla.
8 Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena, nalo udumo lwakho usuku lonke.
9 Ungangilahli esikhathini sobudala, ungangishiyi ekupheleni kwamandla ami,
10 ngokuba izitha zami zikhuluma ngami, nabawuhlomele umphefumulo wami bayahlebelana,
11 bathi: “UNkulunkulu umshiyile; zingelani nimbambe, ngokuba akakho osindisayo.”
12 Nkulunkulu, ungabi kude nami; Nkulunkulu, phuthuma ungisize.
13 Abamelene nomphefumulo wami mabajabhe, baphele; abangifunela umonakalo mabembathe amahloni nenhlamba.
14 Mina kodwa ngiyakwethemba njalo, ngengeze ukudumisa ekudunyisweni kwakho.
15 Umlomo wami uyakulanda ukulunga kwakho, nensindiso yakho lonke usuku; ngokuba anginakukubala.
16 Ngiyakuletha izenzo ezinqabileyo zeNkosi uJehova; ngiyakubonga ukulunga kwakho, okwakho kuphela.
17 Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami; ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube manje.
18 Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga, ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane, amandla akho kubo bonke abezayo.
19 Ukulunga kwakho, Nkulunkulu, kufinyelele ezulwini; wena owenze izinto ezinkulu, Nkulunkulu, ngubani onjengawe na?
20 Wena owasizwisa izinhlupheko eziningi ezimbi, uyakubuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.
21 Yandisa udumo lwami, ubuye ungiduduze.
22 Yikhona nami ngizakububonga ubuqotho bakho, Nkulunkulu wami, ngogubhu lwezintambo; ngizakukudumisa ngehabhu wena oNgcwele ka-Israyeli.
23 Izindebe zami zizakujabula, ngokuba ngizakukudumisa wena, nomphefumulo wami owuhlengileyo.
24 Ulimi lwami futhi luzakukhuluma lonke usuku ngokulunga; ngokuba badunyaziwe, bajabhisiwe abangifunela umonakalo.