0:00
0:00

Isahluko 94

Nkulunkulu wempindiselo, Jehova, Nkulunkulu wempindiselo, vela ukhanye.
2 Phakama, Mahluleli womhlaba, uphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.
3 Jehova, koze kube nini ababi, koze kube nini ababi bethaba na?
4 Bayampompoza, bakhuluma amagangangozi; bayazidla bonke abenza okubi.
5 Isizwe sakho, Jehova, bayasiphohloza, nefa lakho balinyathela phansi.
6 Bayabhubhisa umfelokazi nomfokazi, nezintandane bayazibulala.
7 Bathi: “UJehova akaboni, uNkulunkulu kaJakobe akanaki.”
8 Qaphelani nina zithutha phakathi kwabantu; nani ziwula, niyakuqonda nini na?
9 Owenza indlebe kanakuzwa na? Owadala iso kanakubona na?
10 Othethisa abezizwe, yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na?
11 UJehova uyayazi imicabango yabantu ukuba ingumoya nje.
12 Jehova, ubusisiwe lowo muntu omyalayo, omfundisayo ngomthetho wakho,
13 wenzela ukuba umphumuze ezinsukwini ezimbi, aze ambelwe umgodi lowo ongenamthetho.
14 Ngokuba uJehova akayikulahla abantu bakhe, nefa lakhe akayikulishiya.
15 Ngokuba ukulunga kuyakubuyela ekwahluleleni, bonke abaqotho ngenhliziyo bakulandele.
16 Ngubani oyakungimela phambi kwababi na? Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?
17 Uma uJehova ebengesilo usizo lwami, umphefumulo wami ubuyakushesha ukuhlala ekuthuleni kokufa.
18 Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela, umusa wakho, Jehova, wangiphasa.
19 Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.
20 Isihlalo sobubi singahlanganyela nawe yini, leso esisebenza okubi kungathi ngomthetho na?
21 Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo; igazi elingenacala bayalilahla.
22 Kepha uJehova waba yinqaba yami, uNkulunkulu wami waba yiwa engiphephela kulo.
23 Uyaphindisela kubo ukushinga kwabo, abaqede ngobubi babo; uJehova uNkulunkulu wethu uyakubaqeda.