0:00
0:00

Isahluko 30

Ihubo. Igama lokuvula indlu. ElikaDavide. Ngiyakuphakamisa, Jehova, ngokuba ungikhuphulile; awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami.
2 Jehova Nkulunkulu wami, ngakhala kuwe, wangiphilisa.
3 Jehova, umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo, wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini.
4 Dumisani uJehova nina enimkhonzayo, nibonge igama lakhe elingcwele.
5 Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje, umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula.
6 Mina ngithe ekubuseni kwami: Angisoze nganyakaziswa naphakade.
7 Jehova, ngomusa wakho ubuwenzile ukuba iqine intaba yami; wabufihla ubuso bakho, ngase ngithuthumela.
8 Ngakhala kuwe Jehova; nganxusa kuJehova, ngathi:
9 “Kukhona nzuzoni egazini lami nasekushoneni kwami egebeni na? Uthuli luzakukudumisa yini, lushumayele iqiniso lakho, na?
10 Yizwa, Jehova, ube nomusa kimi; Jehova, yiba ngumsizi wami.”
11 Waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina; wangikhumula izingubo zami zokulila, wangembathisa ukujabula,
12 ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli; Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.