0:00
0:00

Isahluko 44

Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. IMaskili. Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu, okhokho besilandisa ngesenzo owasenzayo emihleni yabo, emihleni yasendulo. 44:1 Dut. 6:20; AmaH. 78:3.
2 Nguwe owabaxosha abezizwe ngesandla sakho, kepha bona wabatshala; wazichitha izizwe, kepha bona wabandisa. 44:2 Eks. 15:17; AmaH. 9:5.
3 Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda. 44:3 Eks. 33:14; Num. 6:25; Josh. 24:12.
4 Wena Nkulunkulu uyinkosi yami; yaleza ukusindiswa kukaJakobe.
5 Ngawe sizakulahla phansi izitha zethu; ngegama lakho sizakunyathela abasivukelayo. 44:5 AmaH. 18:38.
6 Ngokuba angiwethembi umnsalo wami, nenkemba yami ayingisindisi; 44:6 1 Sam. 17:39.
7 kepha nguwe owasisindisa ezitheni zethu, wajabhisa abasizondayo.
8 Sizincoma ngoNkulunkulu usuku lonke; igama lakho siyalibonga kuze kube phakade. Sela 44:8 AmaH. 54:6.
9 Nokho ususilahlile, wasijabhisa; awusaphumi nezimpi zethu. 44:9 AmaH. 60:10.
10 Usihlehlisela emuva esitheni; abasizondayo bayaziphangela.
11 Usinikezele ukudliwa njengezimvu, wasihlakaza phakathi kwabezizwe.
12 Uthengisa ngesizwe sakho ngokuyize; awuzuzi lutho ngokubiza ngaso. 44:12 Dut. 32:30; AbAhl. 2:14; Hez. 30:12.
13 Usenza isihlamba kubakhelwane bethu, inhlekiso nendumazo kwabasiphahlileyo. 44:13 AmaH. 79:4.
14 Usenza isaga kwabezizwe, banikine ikhanda phakathi kwabantu.
15 Usuku lonke ukudunyazwa kwami kuphambi kwami, namahloni amboza ubuso bami 44:15 AmaH. 69:19.
16 ngenxa yoklolodayo nojivazayo, ngenxa yesitha nomphindiseli. 44:16 AmaH. 74:10.
17 Konke lokho kusehlele, kodwa asikukhohlwanga wena; asisaphulanga isivumelwano sakho.
18 Inhliziyo yethu ayibuyelanga emuva; izinyathelo zethu aziphambukanga endleleni yakho,
19 uze usiphahlaze endaweni yezimpungushe, usimboze ngethunzi lokufa.
20 Uma ngabe sikhohliwe igama likaNkulunkulu wethu, sazelulela izandla zethu kunkulunkulu mumbe,
21 uNkulunkulu ubengayikukuhlola na? Ngokuba yena uyazazi izimfihlakalo zenhliziyo. 44:21 AmaH. 7:9.
22 Yebo, ngenxa yakho sibulawa usuku lonke, siphathiswa okwezimvu zokuhlatshwa. 44:22 Rom. 8:36.
23 Vuka, Nkosi! Ulaleleni na? Vuka, ungasilahli njalonjalo. 44:23 Math. 8:24.
24 Ubufihlelani ubuso bakho, ukhohlwe ukuhlupheka nokucindezelwa kwethu, na? 44:24 AmaH. 69:17.
25 Ngokuba umphefumulo wethu ukhothamele othulini; umzimba wethu unamathele emhlabathini.
26 Sukuma, usisize, usihlenge ngenxa yomusa wakho.