0:00
0:00

Isahluko 118

Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2 Makathi u-Israyeli: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.”
3 Mayithi indlu ka-Aroni: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.”
4 Mabathi abamesabayo uJehova: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.”
5 Engcingweni yami ngakhuleka kuJehova, uJehova wangiphendula endaweni ebanzi.
6 UJehova ungakimi, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?
7 UJehova ungakimi ekanye nabangisizayo; ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.
8 Kuhle ukuphephela kuJehova kunokwethemba umuntu.
9 Kuhle ukuphephela kuJehova kunokwethemba izikhulu.
10 Bonke abezizwe bayangizungeza; egameni likaJehova ngiyakubachitha.
11 Bayangikaka, yebo, bayangizungeza; egameni likaJehova ngiyakubachitha.
12 Bayangibunganyela njengezinyosi, bacimeka njengomlilo wameva; egameni likaJehova ngiyakubachitha.
13 Bayangihlohloloza ukuba ngiwe, kepha uJehova uyangisiza.
14 UJehova ungamandla ami nesihlabelelo sami, waba yinsindiso yami.
15 Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisezindlini zabalungileyo; esokunene sikaJehova senza okwamandla.
16 Esokunene sikaJehova siphakeme, esokunene sikaJehova sisebenza ngamandla.
17 Angiyikufa, kepha ngiyakuphila, ngishumayele imisebenzi kaJehova.
18 UJehova wangilaya nokungilaya, kodwa akanginikelanga ekufeni.
19 Ngivuleleni amasango okulunga, ngingene ngawo, ngimdumise uJehova.
20 Yileli isango likaJehova; olungileyo uyakungena ngalo.
21 Ngiyakukudumisa, ngokuba ungizwile, waba yinsindiso yami.
22 Itshe abalinqabayo abakhi selaba yinhloko yegumbi.
23 Lona lavela kuJehova; liyisimangaliso emehlweni ethu.
24 Yilolu usuku alwenzileyo uJehova; siyakwethaba, sithokoze ngalo.
25 Sindisa, Jehova! ngiyakuncenga; hlahlamelisa, Jehova! ngiyakucela.
26 Makabusiswe ozayo egameni likaJehova; siyanibusisa sisendlini kaJehova.
27 UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele; hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.
28 Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakukubonga; Nkulunkulu wami, ngiyakukuphakamisa.
29 Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.