0:00
0:00

Isahluko 135

Haleluya! Dumisani igama likaJehova; mdumiseni nina zinceku zikaJehova
2 enimi endlini kaJehova emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu.
3 Dumisani uJehova, ngokuba uJehova muhle; hubelani igama lakhe, ngokuba limnandi.
4 Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe, no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe.
5 Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu nokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu.
6 Konke uJehova akuthandayo uyakwenza ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.
7 Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, wenza imibani kube yimvula; ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.
8 Washaya amazibulo aseGibithe, awabantu kanye nawezilwane.
9 Wathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.
10 Washaya izizwe ezinkulu, wabulala amakhosi anamandla:
11 uSihoni inkosi yama-Amori, no-Ogi inkosi yaseBashani, nemibuso yonke yaseKhanani.
12 Wanika izwe labo laba yifa, laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe.
13 Jehova, igama lakho limi phakade; isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane.
14 Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe, ahawukele izinceku zakhe.
15 Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.
16 Umlomo zinawo, kepha azikhulumi; amehlo zinawo, kodwa aziboni.
17 Izindlebe zinazo, kepha azizwa, nomoya awukho emlonyeni wazo.
18 Abazenzayo bayafana nazo, bonke abazethembayo.
19 Wena ndlu ka-Israyeli, mbonge uJehova; wena ndlu ka-Aroni, mbonge uJehova.
20 Wena ndlu kaLevi, mbonge uJehova; nina enimesabayo uJehova, mbongeni uJehova.
21 UJehova makabongwe eSiyoni, yena owakhe eJerusalema. Haleluya!