0:00
0:00

Isahluko 68

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Ihubo. Igama. Makavuke uNkulunkulu, zihlakazeke izitha zakhe; abamzondayo babaleka phambi kwakhe.
2 Bamukiswa njengokumukiswa komusi; njengokuncibilika kwengcina phambi komlilo ababi bachithwa phambi kukaNkulunkulu.
3 Kepha abalungileyo bayajabula; bayethaba phambi kukaNkulunkulu bethokoza nokuthokoza.
4 Hlabelelani kuNkulunkulu, nidumise igama lakhe; menzeleni umendo lowo odabula amahlane; igama lakhe linguJehova; yethabani phambi kwakhe,
5 uyise wezintandane, umahluleli wabafelokazi, uNkulunkulu endlini yakhe engcwele,
6 uNkulunkulu ohlalisa imihlalaqha ezindlini, akhiphele iziboshwa ekubuseni; ngabahlubukileyo bodwa abakhe ezweni elomileyo.
7 Nkulunkulu, ekuphumeni kwakho phambi kwabantu bakho, ekudabuleni kwakho ihlane, Sela
8 umhlaba wazamazama, izulu laconsa phambi kukaNkulunkulu, neSinayi lazamazama phambi kukaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.
9 Wanisa imvula enkulu, Nkulunkulu; ifa lakho selahlulekile, waliqinisa.
10 Ibandla lakho lakha kulo; ngobuhle bakho wabalungisela abahluphekayo, Nkulunkulu.
11 INkosi iphumisa izwi; abesifazane ababika indaba ejabulisayo bayisixuku esikhulu.
12 Amakhosi ezimpi ayabaleka; ayabaleka wona; isifazane esihlezi ekhaya sabela impango.
13 Nxa nilala phakathi kwezibaya, kunjengamaphiko ejuba asibekelwa ngesiliva, izimpaphe zamaphiko alo ngegolide elikhazimulayo.
14 Nxa uSomandla ehlakaza amakhosi kulo, likhithika iqhwa eSalimoni.
15 Intaba yaseBashani iyintaba kaNkulunkulu; intaba yaseBashani iyintaba eneziqongo.
16 Nina zintaba ezineziqongo, yini ukuba niyibuke ngomhawu intaba uNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na? Yebo, uJehova uyakuhlala kuyo kuze kube phakade.
17 Izinqola zikaNkulunkulu ziyizinkulungwane ezingamashumi amabili, izinkulungwane nezinkulungwane; iNkosi iphakathi kwazo; iSinayi lisendaweni engcwele.
18 Wena wenyukela phezulu, wathumba izithunjwa, wamukela izipho kubantu nakwabahlubukileyo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale khona.
19 Mayibongwe iNkosi. Iyasithwala imihla ngemihla; uNkulunkulu uyinsindiso yethu. Sela
20 Kithina uNkulunkulu unguNkulunkulu wezinkululo; ukukhipha ekufeni kungokukaJehova iNkosi.
21 Impela uNkulunkulu uyakuliphohloza ikhanda lezitha zakhe, ukhakhayi olunesihluthu lwalowo osahamba ezonweni zakhe.
22 INkosi yathi: “Ngiyakubabuyisa eBashani, ngibabuyise ekujuleni kolwandle
23 ukuba unyawo lwakho ulucwilise egazini, ulimi lwezinja zakho lube nesabelo salo ezitheni.”
24 Bayazibona izindwendwe zakho, Nkulunkulu, izindwendwe zikaNkulunkulu wami, iNkosi yami, ziya endlini engcwele.
25 Ngaphambili kuhamba abahlabeleli, ngasemuva abashaya ugubhu, ngaphakathi izintombi ezishaya izingubhu.
26 Bongani uNkulunkulu emihlanganweni; bongani iNkosi, nina bomthombo ka-Israyeli.
27 Nango uBenjamini, omncane, umbusi wabo, neviyo lezikhulu zakwaJuda, izikhulu zakwaZebuloni nezikhulu zakwaNafetali.
28 UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho; qinisa, Nkulunkulu, lokho ozenzela khona.
29 Ngenxa yethempeli lakho eJerusalema amakhosi ayakukulethela izipho.
30 Zikhuze izilwane zasemhlangeni, umhlambi wezinkunzi kanye namankonyane abantu, azithobise phansi ngezinqamu zesiliva; uyazihlakaza izizwe ezithanda ukulwa.
31 Izikhulu ziyakuvela eGibithe; amaKushe ayakwelulela ngokushesha izandla zawo kuNkulunkulu.
32 Nina mibuso yomhlaba mhubeleni uNkulunkulu, nidumise iNkosi, Sela
33 yona ekhwela phezu kwamazulu ezulu asendulo; bhekani, iyezwakalisa izwi layo, izwi elinamandla.
34 Nikani uNkulunkulu amandla; ubukhosi bakhe buphezu kuka-Israyeli; amandla akhe asemafwini.
35 Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele; uNkulunkulu ka-Israyeli nguyena owenzela abantu amandla nokuqina; makadunyiswe uNkulunkulu.