0:00
0:00

Isahluko 62

Kumholi wokuhlabelela. KuJeduthuni. Ihubo likaDavide. Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela; insindiso yami ivela kuye.
2 Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa kakhulu.
3 Koze kube nini nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke njengodonga olwengemeyo nothango oludilikayo na?
4 Yebo, bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe, bathanda amanga; bayabusisa ngomlomo wabo, kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa. Sela
5 Mphefumulo wami, zithulisele kuNkulunkulu kuphela, ngokuba ithemba lami livela kuye.
6 Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa.
7 Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu; idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.
8 Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe; uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela
9 Abantwana babantu bangumoya nje, abantwana bezikhulu bangamanga; esilinganisweni bayakhuphuka, balula kunomoya bonke.
10 Maningakwethembi ukuqhwaga, ningazigabisi ngokuphangiweyo; uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.
11 UNkulunkulu ukhulumile kanye, ngikuzwe kabili ukuthi amandla angakaNkulunkulu.
12 Nomusa ungowakho, Nkosi; ngokuba wena umphindisela umuntu njengokwenza kwakhe.