0:00
0:00

Isahluko 86

Umkhuleko kaDavide. Beka indlebe yakho, Jehova, ungiphendule, ngokuba ngilusizi, ngimpofu.
2 Londoloza umphefumulo wami, ngokuba ngingoqotho; wena Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ekwethembayo.
3 Yiba nomusa kimi, Nkosi, ngokuba ngikhala kuwe usuku lonke.
4 Thokozisa umphefumulo wenceku yakho, ngokuba kuwena, Nkosi, ngiyawuphakamisela umphefumulo wami.
5 Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.
6 Jehova, beka indlebe ekukhulekeni kwami, ulalele izwi lokunxusa kwami.
7 Ngosuku losizi lwami ngikhala kuwe, ngokuba uzakungiphendula.
8 Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi; akukho okunjengemisebenzi yakho.
9 Izizwe ozenzileyo ziyakufika zonke, zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho.
10 Ngokuba umkhulu wena, uyenza izimangaliso, unguNkulunkulu wena wedwa.
11 Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; yenza inhliziyo yami iqonde ntonye, yesabe igama lakho.
12 Ngiyakukubonga, Nkosi Nkulunkulu wami, ngenhliziyo yonke yami, ngidumise igama lakho kuze kube phakade.
13 Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwami, ukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.
14 Nkulunkulu, izideleli zingivukele, ibandla lezidlwangudlwangu lifuna umphefumulo wami; azibekanga wena phambi kwazo.
15 Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, onomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokuthembeka.
16 Phendukela kimi, ube nomusa kimi, uyiphe inceku yakho amandla akho, usindise indodana yencekukazi yakho.
17 Ngenzele isiboniselo sokuhle, ukuze abangizondayo babone, bajabhe, ngokuba wena Jehova uyangisiza, uyangiduduza.