0:00
0:00

Isahluko 128

Igama lokukhuphuka. Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.
2 Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho; uyakuba nenhlanhla nempumelelo.
3 Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho, abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo, bezungeza itafula lakho.
4 Ngokuba bheka, kanjalo iyakubusiswa indoda emesabayo uJehova.
5 UJehova makakubusise eseSiyoni; uyakubona inhlanhla yaseJerusalema zonke izinsuku zokuphila kwakho.
6 Uyakubona abantwana babantwana bakho. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.