0:00
0:00

Isahluko 123

Igama lokukhuphuka. Ngiyaphakamisela kuwe amehlo ami, wena ohlezi ezulwini.
2 Bheka, njengamehlo ezinceku ekuzo izandla zamakhosi azo, namehlo encekukazi ekuso isandla senkosikazi yayo, kanjalo amehlo ethu akuye uJehova uNkulunkulu wethu, aze abe nomusa kithi.
3 Sihawukele, Jehova sihawukele, ngokuba sesidiniwe kakhulu ngukudelelwa.
4 Umphefumulo wethu udiniwe kakhulu ngukweyisa kwabaziqhenyayo nokudelela kwabazidlayo.