0:00
0:00

Isahluko 108

Igama. Ihubo likaDavide. Inhliziyo yami iduduzekile, Nkulunkulu; ngizakuhlabelela, ngihube, ngisho nomphefumulo wami.
2 Vukani, lugubhu nehabhu! Ngizakuvusa ukusa.
3 Ngizakukubonga phakathi kwabantu, Jehova, ngikudumise phakathi kwezizwe.
4 Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwezulu, nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.
5 Phakama, Nkulunkulu, phezu kwezulu, inkazimulo yakho ibe phezu komhlaba wonke.
6 Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe, sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele.
7 UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi: “Ngiyakwethaba; ngiyakulidabula iShekemi, ngisilinganise isiGodi saseSukoti.
8 Ngowami uGileyadi, ngowami uManase; u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.
9 UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela; phezu kuka-Edomi ngiphonsa isicathulo sami; phezu kweFilistiya ngiyethaba.”
10 Ngubani oyakungiyisa emzini oyinqaba na? Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?
11 Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.
12 Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni, ngokuba ukusiza komuntu kuyize.
13 NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla; yena uyakunyathela phansi izitha zethu.