0:00
0:00

Isahluko 116

Ngiyamthanda uJehova, ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.
2 Ngokuba ubekile indlebe kimi ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.
3 Izintambo zokufa zangizungeza, nobuhlungu bendawo yabafileyo bangibamba; ngafumana ukuhlupheka nosizi.
4 Kepha ngabiza igama likaJehova, ngathi: “Ngiyakuncenga, Jehova, khulula umphefumulo wami.”
5 Unomusa uJehova, ulungile; uNkulunkulu wethu unobubele.
6 UJehova uyalondoloza ongenabuqili; ngithotshisiwe phansi wangisindisa.
7 Buyela ekuphumuleni kwakho, mphefumulo wami, ngokuba uJehova ukuphathe ngomusa.
8 Yebo, ukhululile umphefumulo wami ekufeni, amehlo ami ezinyembezini, nezinyawo zami ekuweni.
9 Ngiyakuhamba ebusweni bukaJehova ezweni labaphilayo.
10 Ngiyakholwa, ngalokho ngiyakhuluma; ngahlushwa kakhulu.
11 Ngathi osizini lwami: “Bonke abantu banamanga.”
12 Ngiyakubuyiselani kuJehova ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle kimina na?
13 Ngiyakuthatha indebe yensindiso, ngibize igama likaJehova.
14 Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisa, yebo, nasebusweni babantu bakhe bonke.
15 Kuyigugu emehlweni kaJehova ukufa kwabangcwele bakhe.
16 Ngiyinceku yakho impela, Jehova; ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho; uthukululile izintambo zami.
17 Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga, ngibize igama likaJehova.
18 Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisa yebo, nasebusweni babantu bakhe bonke,
19 emagcekeni endlu kaJehova, phakathi kwakho, Jerusalema. Haleluya!