0:00
0:00

Isahluko 18

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide, inceku kaJehova, owakhuluma amazwi aleli hubo kuJehova mhla uJehova emsindisile esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule. Wathi: Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami.
2 Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.
3 Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami.
4 Izintambo zokufa zangizungelezela, izikhukhula zokona zangethusa.
5 Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela.
6 Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.
7 Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezintaba zathuthumela, zagubhuzela ngokuba ethukuthele.
8 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye.
9 Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.
10 Wakhwela phezu kwekherubi, wandiza; washweza ngamaphiko omoya.
11 Ubumnyama wabenza isisibekelo, idokodo lakhe elimphahlayo; amanzi amnyama, amafu anzima.
12 Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe amafu akhe abanga phambili, isichotho namalahle avuthayo.
13 UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe: isichotho namalahle avuthayo.
14 Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula, nemibani eminingi, wabadidizelisa.
15 Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova, ngokufutha komoya wamakhala akho.
16 Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi.
17 Wangophula esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile.
18 Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami.
19 Wangiphumisela endaweni ebanzi; wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.
20 UJehova wangivuza ngokokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.
21 Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova, angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.
22 Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami, nezimiso zakhe angivumanga ukuba zisuke kimi.
23 Ngangiphelele kuye; ngabuxwaya ububi.
24 UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami, njengokuhlanzeka kwezandla zami phambi kwamehlo akhe.
25 Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile; kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho;
26 kohlanzekileyo uyazibonakalisa uhlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa unenkani.
27 Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo, kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa.
28 Ngokuba wena uyokhela isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.
29 Ngokuba ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.
30 Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.
31 Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?
32 uNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami ilunge;
33 owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi, angimise emagqumeni ami;
34 ofundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.
35 Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singisekele, nobumnene bakho bungikhulisile.
36 Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi.
37 Ngazixosha izitha zami, ngazifica; angibuyanga ngingakaziqedi.
38 Ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami.
39 Wangibhincisa amandla okulwa; ababengivukele wabathobisa phansi kwami.
40 Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula.
41 Bakhala, kepha akubangakho osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula.
42 Ngabacolisisa njengothuli emoyeni; ngabalahla njengensila ezitaladini.
43 Wangikhulula ezimpini zabantu; wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.
44 Banele ukungizwa nje ngendlebe, base bengilalela; abafo bazithoba phansi kwami.
45 Abafo babuna, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumele.
46 UJehova usekhona, malidunyiswe iDwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,
47 uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami;
48 ongikhululile ezitheni zami, yebo, ongiphakamisile phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.
49 Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova, ngilihubele igama lakho.
50 Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.