0:00
0:00

Isahluko 130

Igama lokukhuphuka. Ngikhala kuwe Jehova ngisotweni phansi.
2 Nkosi, yizwa izwi lami; izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.
3 Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?
4 Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.
5 Ngiyalindela uJehova, umphefumulo wami uyalinda; ngiyalethemba izwi lakhe.
6 Umphefumulo wami uyalindela iNkosi kunabalindi belindela ukusa.
7 U-Israyeli makamethembe uJehova, ngokuba umusa ukuJehova, nokukhulula okuningi kukuye.
8 Uyakumhlenga u-Israyeli eziphambekweni zakhe zonke.