0:00
0:00

Isahluko 28

ElikaDavide. Ngikhala kuwe Jehova; Dwala lami, ungabi yisithulu kimi, funa kuthi, uma uthula kimi, ngifane nabashona emgodini.
2 Yizwa izwi lokunxusa kwami, nxa ngikhala kuwe, ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.
3 Ungangimukisi kanye nababi nabenza okubi abakhuluma ukuthula nabakhelwane babo, kanti kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.
4 Banike njengokwenza kwabo nanjengobubi bemisebenzi yabo; banike njengokwenza kwezandla zabo, baphindisele abakwenzileyo.
5 Ngokuba abayinaki imisebenzi kaJehova nokwenza kwezandla zakhe; uyakubadiliza, angabakhi.
6 Makabongwe uJehova, ngokuba ulizwile izwi lokunxusa kwami.
7 UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa; ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba; ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.
8 UJehova ungamandla abantu bakhe; uyinqaba yensindiso yogcotshiweyo wakhe.
9 Sindisa abantu bakho, ubusise ifa lakho, ubaluse, ubathwale kuze kube phakade.