0:00
0:00

Isahluko 99

UJehova uyinkosi; mabathuthumele abantu; uhlezi phezu kwamakherubi; mawuzamazame umhlaba.
2 UJehova mkhulu eSiyoni, uphakeme phezu kwezizwe zonke.
3 Mababonge igama lakho elikhulu nelesabekayo; ungcwele yena.
4 Amandla eNkosi athanda okulungileyo, umisile ubuqotho; ukwahlulela nokulunga ukwenzile kwaJakobe.
5 Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke ngasesanabelweni sezinyawo zakhe; ungcwele yena.
6 OMose no-Aroni babe phakathi kwabapristi bakhe; uSamuweli wayephakathi kwabakhulekayo egameni lakhe. Bakhuleka kuJehova, yena waphendula.
7 Wakhuluma kubo esensikeni yefu; bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona.
8 Jehova Nkulunkulu wethu, wena ubaphendulile, waba kubo uNkulunkulu othethelelayo nophindiselayo ngezenzo zabo.
9 Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke ngasentabeni yakhe engcwele, ngokuba ungcwele uJehova uNkulunkulu wethu.