0:00
0:00

Isahluko 137

Ngasemifuleni yaseBabele sahlala khona, sakhala, lapho sikhumbula iSiyoni.
2 Amahabhu ethu sawaphanyeka eminyezaneni ephakathi kwalo.
3 Ngokuba abasithumbileyo bacela ukuba sihlabelele igama, nabahluphi bethu bafuna injabulo, bethi: “Sihlabeleleni elinye lamagama aseSiyoni.”
4 Siyakuhlabelela kanjani ihubo likaJehova kwelinye izwe na?
5 Uma ngikhohlwa wena Jerusalema, masizikhohlwe isandla sami sokunene.
6 Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami, uma ngingakukhumbuli, uma ngingaphakamisi iJerusalema phezu kwentokozo yami enkulu.
7 Khumbula, Jehova, usuku lweJerusalema, ngenxa yabantwana bakwa-Edomi abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”
8 Ndodakazi yaseBabele, wena oyakubhujiswa, ubusisiwe oyakuphindisela kuwe izenzo zakho owazenza kithina.
9 Ubusisiwe oyakubamba abancane bakho, abaphahlaze edwaleni.