0:00
0:00

Isahluko 63

Ihubo likaDavide esehlane lakwaJuda. Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena; inyama yami ilangazelela wena ezweni elomileyo eligagadekileyo, lapho amanzi engekho khona.
2 Kanjalo ngikubheka endlini engcwele, ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.
3 Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila; izindebe zami ziyakukudumisa.
4 Ngiyakukubonga ngisaphila; ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.
5 Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo,
6 Nxa ngikukhumbula ecansini lami, ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.
7 Ngokuba ungisizile; ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho.
8 Umphefumulo wami ubambelele kuwe; esokunene sakho siyangiphasa.
9 Kepha abafuna umphefumulo wami ukuwubulala bayakwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi.
10 Bayakunikelwa esandleni senkemba, babe yisabelo sezimpungushe.
11 Kepha inkosi iyakuthokoza ngoNkulunkulu; bonke abafunga yena bayakuzibonga; ngokuba umlomo wabakhuluma amanga uyakuvalwa.