0:00
0:00

Isahluko 15

Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na? Ngubani oyakwakha entabeni yakho engcwele na?
2 Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga, okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,
3 ongahlebi ngolimi lwakhe, ongamoni umngane wakhe, nongamhlazi umakhelwane wakhe;
4 obuka onengekayo ngokuzakumenyanya, kepha ebazisa abamesabayo uNkulunkulu; ofunga ngokuzakumlimaza, nokho angalaphuli izwi lakhe;
5 ongatsheleki muntu imali yakhe ukuba izale, nongamukeli umvuzo ngongenacala; owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.