0:00
0:00

Isahluko 26

ElikaDavide. Ngahlulele, Jehova, ngokuba ngihamba ekulungeni kwami; ngithemba uJehova, angiyikuntenga.
2 Ngivivinye, Jehova, ungilinge; hlolisisa izinso zami nenhliziyo yami.
3 Ngokuba ububele bakho buphambi kwamehlo ami; ngihamba eqinisweni lakho.
4 Angihlali nabantu bamanga, angihambelani nezimbulu.
5 Ngiyawuzonda umhlangano wabenza okubi, angihlali nababi.
6 Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala, ngizungeza i-altare lakho, Jehova,
7 ukuba ngizwakalise izwi lokudumisa, ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho.
8 Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakho nendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho.
9 Ungamukisi umphefumulo wami kanye nezoni nokuphila kwami kanye nabantu begazi
10 abanehlazo ezandleni zabo, nesokunene sabo sigcwele izipho zenkohliso.
11 Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami; ngihlenge, ube nomusa kimi.
12 Unyawo lwami lumi ebaleni; ngizakudumisa uJehova emihlanganweni.