0:00
0:00

Isahluko 64

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Yizwa, Nkulunkulu, izwi lami ekukhaleni kwami, ulondoloze ukuphila kwami evusweni lesitha.
2 Ngisithe esigungwini sababi nasesixukwini sabenza okubi,
3 abalola ulimi lwabo njengenkemba, bakhombe imicibisholo yabo engamazwi ababayo
4 ukuba bamdubule ongenacala ngasesitha, bamdubule ngokuzuma bengesabi.
5 Baqinela icebo elibi; bakhuluma ngokufihla izingibe; bathi: “Ngubani oyakusibona na?”
6 Basongoza izenzo ezimbi, bathi: “Siliqedile icebo elisongoziweyo,” izibilini nenhliziyo yomuntu kujulile.
7 Kepha uNkulunkulu uyakubadubula ngomcibisholo; bagwazwe ngokuzunywa.
8 Bayakuwiswa, baficwe lulimi lwabo; bonke abababonayo bayonikina ikhanda.
9 Bonke abantu bayashaywa luvalo; bayakushumayela izenzo zikaNkulunkulu, baqonde akwenzileyo.
10 Olungileyo uyakujabula kuJehova, aphephele kuye; bonke abaqotho ngenhliziyo bayakuzibonga.