0:00
0:00

Isahluko 105

Bongani uJehova, nibize igama lakhe, nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe.
2 Hlabelelani kuye, nimhubele, nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke.
3 Zibongeni egameni lakhe elingcwele; mazithokoze izinhliziyo zabamfunayo uJehova.
4 Funani uJehova namandla akhe, nifunisise ubuso bakhe njalo.
5 Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, nezibonakaliso zakhe, nezahlulelo zomlomo wakhe,
6 nina nzalo ka-Abrahama inceku yakhe, nina bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe.
7 Yena unguJehova uNkulunkulu wethu; izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke.
8 Ukhumbulile isivumelwano sakhe kuze kube phakade, izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,
9 avumelana kuso no-Abrahama, nesifungo sakhe ku-Isaka;
10 wasiqinisa kuJakobe, saba ngumthetho, naku-Israyeli, saba yisivumelwano esiphakade,
11 ethi: “Ngizakukunika izwe laseKhanani libe yisabelo sefa lakho,”
12 lapho babe yingcosana ngomumo, yebo, lapho babe yingcosana, futhi babe yizihambi kulo.
13 Bazulazula ezizweni ngezizwe, besuka kulo mbuso, beya kwabanye abantu.
14 Akavumelanga muntu ukubahlupha, wajezisa amakhosi ngenxa yabo,
15 ethi: “Ningathinti abagcotshiweyo bami, ningoni abaprofethi bami.”
16 Futhi wathuma indlala phezu kwezwe, walwaphula uzime lwesinkwa.
17 Wathuma indoda phambi kwabo: uJosefa wathengiswa abe yisigqila.
18 Balimaza izinyawo zakhe ngamaketanga, waboshwa ngensimbi.
19 Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe, izwi likaJehova lamhola.
20 Inkosi yathuma yamthukulula, umbusi wabantu wamkhulula.
21 Wamenza umphathi wendlu yakhe nenduna yezinto zakhe zonke,
22 ukuze abophe izikhulu zakhe ngokuthanda kwakhe, afundise amalunga akhe ukuhlakanipha.
23 U-Israyeli wayesefika eGibithe, uJakobe wagogobala ezweni likaHamu.
24 Wandisa kakhulu abantu bakhe; wabenza babe namandla kunezitha zabo.
25 Wayiguqula inhliziyo yabo ukuba bazonde abantu bakhe, baphathe izinceku zakhe ngobuqili.
26 Wathuma uMose inceku yakhe, u-Aroni abemkhethile.
27 Benza phakathi kwabo izibonakaliso zakhe nezimangaliso ezweni likaHamu.
28 Wathuma ubumnyama, wenza kwaba mnyama, kepha baphambana namazwi akhe.
29 Waphendula amanzi abo aba yigazi; wabhubhisa izinhlanzi zabo.
30 Izwe labo lagcwala amasele nasezindlini zamakhosi abo.
31 Wakhuluma, kwavela izibawu nezinsensane eminceleni yabo yonke.
32 Wabanika isichotho saba yimvula yabo, amalangabi omlilo ezweni labo.
33 Washaya nemivini yabo nemikhiwane yabo; waphula imithi yasezweni labo.
34 Wakhuluma, kwavela isikhonyane nezinkumbi ezingenakubalwa.
35 Zona zadla imifino yonke yezwe lakubo, zaqothula nezithelo zomhlabathi wabo.
36 Washaya namazibulo onke ezweni lakubo, okokuqala kwamandla abo.
37 Wayesebakhipha benesiliva negolide, kungekho ontengezelayo emindenini yakubo.
38 IGibithe lajabula ekuphumeni kwabo, ngokuba ukwesaba kwabehlela.
39 Wendlala ifu lokubasibekela, nomlilo wokukhanyisa ebusuku.
40 Bacela, waletha izigwaca, wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini.
41 Wavula idwala, kwampompoza amanzi, agobhoza emahlane njengomfula.
42 Ngokuba wakhumbula izwi lakhe elingcwele no-Abrahama inceku yakhe.
43 Wayesekhipha abantu bakhe ngokujabula, abakhethiweyo bakhe ngokuthokoza.
44 Wabapha amazwe abezizwe, badla isithelo somsebenzi wabantu
45 ukuba baqaphele izimiso zakhe, bagcine imithetho yakhe. Haleluya!