0:00
0:00

Isahluko 149

Haleluya! Hlabelelani kuJehova igama elisha, indumiso yakhe emhlanganweni wabangcwele.
2 U-Israyeli makathokoze ngowamEnzayo, abantwana baseSiyoni bethabele iNkosi yabo.
3 Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu.
4 Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.
5 Abalungileyo mabethabe ngobukhosi,
6 Ukumphakamisa uNkulunkulu makube semlonyeni wabo, nenkemba esika nhlangothi zombili esandleni sabo,
7 ukuba benze impindiselo kubo abezizwe nezijeziso kubantu,
8 babophe amakhosi abo ngamaketanga nabadumileyo babo ngezibopho zensimbi,
9 bafeze phezu kwabo isahlulelo esilotshiweyo; kuludumo kubo bonke abangcwele bakhe. Haleluya!