0:00
0:00

Isahluko 69

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Iminduze. ElikaDavide. Ngisindise, Nkulunkulu, ngokuba amanzi afikile emphefumulweni.
2 Ngishone odakeni lobishi olujulileyo, kungekho kuma; ngingene emanzini alutwa; imisinga iyangicwilisa.
3 Ngikhathele ukukhala kwami, umphimbo wami ushile; amehlo ami ayafiphala ekulindeleni uNkulunkulu wami.
4 Abangizonda ngeze baningi kunezinwele zekhanda lami; baningi abafuna ukungiqeda beyizitha zami kungekho sici; nengingakuphanganga ngakubuyisela.
5 Nkulunkulu, wena uyabazi ubuwula bami, nezono zami azifihlakele kuwe.
6 Mabangajabhiswa ngami abakulindeleyo, Nkosi Jehova Sebawoti; mabangahlazeki ngami abakufunayo, Nkulunkulu ka-Israyeli.
7 Ngokuba ngithwele isihlamba ngenxa yakho; ihlazo lisibekela ubuso bami.
8 Sengaba ngumfokazi kubafowethu, nowezizwe kubantwana bakamame.
9 Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile; izithuko zabakuthukayo zingehlele.
10 Ngakhala, umphefumulo wami wazila; kwaba ngukudunyazwa kwami.
11 Isaka ngalenza isambatho sami; ngaba yisaga kubo.
12 Abahlezi esangweni bakhuluma ngami; izidakwa ziyangihaya.
13 Kodwa mina, umkhuleko wami ukuwe Jehova esikhathini sokuzwelwa, Nkulunkulu; ngenxa yomusa wakho omkhulu ngiphendule eqinisweni lensindiso yakho.
14 Ngikhiphe odakeni, mangingashoni; mangisindiswe kubo abangizondayo, nasemanzini alutwa.
15 Isikhukhula samanzi masingangicwilisi, utwa lungangigwinyi, umgodi ungangivaleli emlonyeni wawo.
16 Ngiphendule, Jehova, ngokuba umusa wakho ulungile; uphendukele kimi ngokobubele bakho obukhulu.
17 Ungayifihleli inceku yakho ubuso bakho, ngokuba ngiyahlupheka; shesha ungiphendule.
18 Sondela kuwo umphefumulo wami, uwuhlenge, ngikhulule ngenxa yezitha zami.
19 Wena uyakwazi ukuthukwa kwami, namahloni ami nokudunyazwa kwami; zonke izitha zami ziphambi kwakho.
20 Ukuthukwa kuyaphulile inhliziyo yami, ngigula kakhulu; bengibheka ukuhawukelwa, kepha akwabakho, nabaduduzayo, kepha angibatholanga.
21 Banginika inyongo ibe ngukudla kwami; ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.
22 Itafula labo malibe yisihibe phambi kwabo, libe lugibe kwabahlezi bezithulele.
23 Amehlo abo mawafiphale, ukuze bangaboni; izinkalo zabo zintengezele njalo.
24 Thela phezu kwabo ukunengwa kwakho; intukuthelo yakho evuthayo mayibafice.
25 Umuzi wabo mawuchitheke; makungabikho ohlala ematendeni abo.
26 Ngokuba oshaywe nguwe bayamzingela, baxoxa ngobuhlungu bezinkubela zakho.
27 Yengezela ukona ekoneni kwabo; mabangezi ekulungeni kwakho.
28 Mabesulwe encwadini yabaphilayo, bangalotshwa kanye nabalungileyo.
29 Mina kodwa ngihluphekile, ngibuhlungu; insindiso yakho, Nkulunkulu mayingilondoloze.
30 Ngiyakulibonga ngehubo igama likaNkulunkulu, ngimphakamise ngokubonga.
31 Kuyakuthandeka kuJehova kunenkomo, kunenkunzi enezimpondo nezinselo.
32 Kuyakuthi abayizivi bekubona, bajabule; nina enifuna uNkulunkulu, inhliziyo yenu mayiphile.
33 Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu, neziboshwa zakhe akazideleli.
34 Uyakubongwa yizulu nomhlaba, yizilwandle nakho konke okuphila kuzo.
35 Ngokuba uNkulunkulu uzakulisindisa iSiyoni, akhe imizi yakwaJuda; bazakuhlala khona, ibe yifa labo.
36 Inzalo yezinceku zakhe iyakulidla ifa; abathanda igama lakhe bayakuhlala kuyo.