0:00
0:00

Isahluko 144

ElikaDavide. Makabongwe uJehova, idwala lami, ofundisa izandla zami ukuhlasela neminwe yami ukulwa,
2 umusa wami nenqaba yami, umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami, isihlangu sami, nengiphephela kuye, nothobisa abantu bami phansi kwami.
3 Jehova, uyini umuntu ukuba umazi, nendodana yomuntu ukuba uyikhumbule, na?
4 Umuntu ufana nomoya; izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.
5 Thobisa amazulu akho, Jehova, wehle; thinta izintaba, zithunqe.
6 Imibani mayinyazime, ubahlakaze; thuma imicibisholo yakho, ubaphithizise.
7 Yelula isandla sakho phezulu, ungikhulule, ungophule emanzini amakhulu nasesandleni sabafokazi
8 abamlomo wabo ukhuluma inkohliso, nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.
9 Ngiyakuhlabelela kuwe Nkulunkulu isihlabelelo esisha; ngogubhu olunezintambo eziyishumi ngiyakukuhubela.
10 Nguye onika amakhosi insindiso, okhulula inceku yakhe uDavide enkembeni elimazayo.
11 Ngikhulule, ungophule esandleni sabafokazi abamlomo wabo ukhuluma inkohliso, nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.
12 Lapho amadodana ethu enjengezithombo ezikhulileyo ebusheni bazo, namadodakazi ethu enjengamatshe amagumbi abaziwe ngendlela yokwakhiwa kwezindlu zamakhosi;
13 lapho izingobo zethu zigcwele, ziveza izinhlobo ngezinhlobo, nezimvu zethu zizala ngezinkulungwane, yebo, ngezinkulungwane eziyishumi emadlelweni ethu;
14 lapho izinkabi zethu zithweswe kakhulu, nalapho kungekho ukufohla kwesitha nokungena empini nezikhalo ezitaladini zethu,
15 babusisiwe abantu abanjalo; babusisiwe abantu abaNkulunkulu wabo unguJehova.