0:00
0:00

Isahluko 58

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu. Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na? Madodana abantu, nahlulela ngobuqotho na? 58:1 Isaya 56:10.
2 Ingani enhliziyweni niphehla imisebenzi emibi; ezweni nilinganisa ngesilinganiso ukudluzula kwezandla zenu.
3 Ababi bahlubuka kwasesizalweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini. 58:3 Isaya 48:8.
4 Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka; banjengebululu eliyisithulu, elivimba indlebe yalo, 58:4 Jer. 17:23; Hez. 12:2; IzE. 7:57.
5 lingalaleli izwi lezinyanga ezilumba amalumbo ngokuhlakanipha.
6 Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo, Nkulunkulu! Phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova! 58:6 AmaH. 3:7.
7 Mabaphele njengamanzi agobhozayo; nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi iqundekile. 58:7 Jobe 14:10.
8 Mababe njengomnenke oncibilika, uphele, njengokuphuphume kowesifazane okungalibonanga ilanga. 58:8 Jobe 3:16.
9 Amabhodwe enu engakazizwa izinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza noma zivutha.
10 Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo; uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi, 58:10 AmaH. 54:7.
11 abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo; impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.”