0:00
0:00

Isahluko 81

Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi. Elika-Asafa. Halalisani uNkulunkulu amandla ethu, nimemeze ngokujabula kuNkulunkulu kaJakobe.
2 Hlabani ihubo, nithathe isigubhu nehabhu elihle nogubhu.
3 Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga nasekuhlanganeni kwenyanga ngosuku lomkhosi wethu.
4 Ngokuba kuyisimiso kwa-Israyeli nomthetho kaNkulunkulu kaJakobe.
5 Kungubufakazi abumisayo kwaJosefa mhla ephuma ezweni laseGibithe. Ngizwa ulimi ebengingalwazi luthi:
6 “Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni, izandla zakhe zakhululeka eqomeni lokuthwala.
7 Wakhuleka usosizini, ngakukhulula; ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma, ngakuvivinya ngasemanzini aseMeriba. Sela
8 “Zwanini, bantu bami, ngizakufakaza kini ukuthi: O Israyeli, sengathi ungangilalela!
9 Makungabikho kuwe unkulunkulu omunye, ungakhuleki kunkulunkulu wabezizwe.
10 Mina nginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhuphula ezweni laseGibithe; khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.
11 “Kepha abantu bami abalalelanga izwi lami, u-Israyeli akanginakanga.
12 Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yabo ukuba bahambe ngokuthanda kwabo.
13 “Sengathi abantu bami bangangizwa, u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.
14 Bengiyakuthobisa masinyane izitha zabo, ngiselulele isandla sami kwabamelene nabo.
15 Abazondi bakaJehova bebeyakuzithobela kuye, kepha isikhathi sabantu bami besiyakuba khona kuze kube phakade.
16 Ubeyakubapha ukolweni omuhle; yebo, bengiyakubasuthisa ngezinyosi zasesiweni.”