0:00
0:00

Isahluko 147

Haleluya! Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi; ukudumisa kufanele.
2 UJehova uyalakha iJerusalema; abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha.
3 Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo; izilonda zabo uyazibopha.
4 Uyabala inani lezinkanyezi, azibize zonke ngamagama.
5 INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.
6 UJehova uyaphakamisa abathobekileyo; ababi uyabawisa phansi emhlabathini.
7 Hubelani uJehova ngokubonga, nimdumise uNkulunkulu wethu ngehabhu,
8 osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni.
9 Unika izinkomo ukudla kwazo, namazinyane egwababa akhalayo.
10 Akathokozi ngamandla ehhashi, akajabuleli imilenze yomuntu.
11 UJehova uyathokoza ngabamesabayo, abathemba umusa wakhe.
12 Jerusalema, mbabaze uJehova; Siyoni, mdumise uNkulunkulu wakho.
13 Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango; ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho.
14 Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho; uyakusuthisa ngokolweni omuhle.
15 Uyathumela umyalo wakhe emhlabeni; izwi lakhe ligijima ngejubane elikhulu.
16 Uyanika iqhwa njengoboya; uhlakaza isithwathwa njengomlotha.
17 Uyaphonsa isichotho sakhe njengezinhlamvu; ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na?
18 Uyathuma izwi lakhe, likuncibilikise; uyavusa umoya wakhe, amanzi agobhoze.
19 Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe, izimiso zakhe nezahlulelo zakhe ku-Israyeli.
20 Akenzanga njalo kwesinye isizwe nesisodwa: izahlulelo zakhe asizazi. Haleluya!