0:00
0:00

Isahluko 112

Haleluya! Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.
2 Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni; isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.
3 Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe; ukulunga kwakhe kumi phakade.
4 Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni: umusa, nobubele, nokulunga.
5 Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo, esekela izindaba zakhe ngokulunga.
6 Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade; olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade.
7 Akesabi imibiko emibi; inhliziyo yakhe iqinile, iyethemba uJehova.
8 Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi, aze azibuke izitha zakhe ziphansi.
9 Uyaphana, uyabanika abampofu; ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo.
10 Omubi uyakukubona, acunuke, agedle amazinyo akhe, abesephela; isifiso sababi siyakubhubha.