0:00
0:00

Isahluko 32

ElikaDavide. IMaskili. Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sisibekelwe. 32:1 Rom. 4:6.
2 Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli isiphambeko, kungekho nkohliso emoyeni wakhe.
3 Kwathi ngithule, amathambo ami aguga ngokububula kwami usuku lonke. 32:3 IzA. 28:13.
4 Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami, uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo. Sela 32:4 AmaH. 38:2,4.
5 Ngasivuma isono sami kuwe, angisifihlanga isiphambeko sami; ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,” wena wathethelela icala lesono sami. Sela 32:5 2 Sam. 12:13; 1 Joh. 1:9.
6 Ngakho-ke yilowo nalowo olungileyo makakhuleke kuwe ngesikhathi sokukufumana; impela kuyakuthi lapho amanzi amakhulu ekhukhula, angafinyeleli kuye. 32:6 Isaya 49:8; 55:6; 2 Kor. 6:2.
7 Wena uyindawo yami yokucasha; uyangilondoloza ngingahlupheki; ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela 32:7 AmaH. 27:5.
8 Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami. 32:8 AmaH. 25:12.
9 Ningabi njengehhashi nembongolo engenangqondo; umkhala netomu yimvunulo yayo yokuyiqondisa, uma ingasondeli kuwe. 32:9 2 AmaKh. 19:28; IzA. 26:3.
10 Omubi unezinhlupheko eziningi, kepha othemba uJehova umusa uyakumphahla. 32:10 IzA. 12:21.
11 Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo, nethabe nina nonke baqotho ngenhliziyo.