0:00
0:00

Isahluko 107

Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2 Mabasho njalo abahlengiweyo bakaJehova, abahlengileyo esandleni sesitha;
3 wababutha emazweni, empumalanga nasentshonalanga, enyakatho naselwandle.
4 Bazulazula ehlane ngendlela yakwahlongasibi, abafumananga umuzi wokuhlala.
5 Belambile, bomile, umphefumulo wabo waphela amandla phakathi kwabo.
6 Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo; wabakhulula ezinsizini zabo.
7 Wabahola ngendlela elungileyo ukuba baye emzini wokuhlala.
8 Mababonge uJehova ngomusa wakhe nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
9 Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo; umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.
10 Babehlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa beboshiwe osizini nasensimbini,
11 ngokuba babephambene namazwi kaNkulunkulu, babesidelele isiluleko soPhezukonke.
12 Wathobisa inhliziyo yabo ngokuhlupheka; bawa kungekho osizayo.
13 Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula ezinsizini zabo.
14 Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa, wagqabula izibopho zabo.
15 Mababonge uJehova ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
16 Ngokuba waphulile amasango ethusi, wanquma imigoqo yensimbi.
17 Babe yizithutha ngenxa yeziphambeko zabo; ngenxa yobubi babo babehlushwa.
18 Umphefumulo wabo wenyanya konke ukudla; basondela emasangweni okufa.
19 Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo; wabakhulula ezinsizini zabo.
20 Wathuma izwi lakhe, wabaphilisa, wabakhulula emathuneni abo.
21 Mababonge uJehova ngomusa wakhe, nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
22 Mabanikele iminikelo yokubonga, balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.
23 Behlela elwandle ngemikhumbi, bathengiselana emanzini amakhulu.
24 Laba babona imisebenzi kaJehova nezimangaliso zakhe ekujuleni.
25 Ngokuba wakhuluma, wavusa umoya wesiphepho owaphakamisa amadlambi olwandle.
26 Bakhuphukela ezulwini, babuye behlela kuzo izintwa; umphefumulo wancibilika ngosizi.
27 Bayendayenda, bantengezela njengodakiweyo; konke ukuhlakanipha kwabo kwagwinywa.
28 Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula ezinsizini zabo.
29 Wathulisa isiphepho, kwaze kwaba ngukuthula, kwathula namadlambi olwandle.
30 Base bethokoza, ngokuba kwaba ngukuthula; wabaholela ethekwini lokufisa kwabo.
31 Mababonge uJehova ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
32 Mabamphakamise ebandleni labantu, bamdumise emhlanganweni wamalunga.
33 Imifula wayiphendula ihlane, nemithombo yamanzi isigagadu,
34 nomhlabathi ovundileyo waba lugwadule lukasawoti ngenxa yobubi babahlezi khona.
35 Ihlane waliphendula amachibi amanzi, nomhlabathi owomileyo imithombo yamanzi.
36 Wabahlalisa khona abalambileyo, bakha khona umuzi wokuhlala.
37 Balima amasimu, batshala isivini, kwabathelela izithelo.
38 Wababusisa, banda kakhulu, akanciphisa izinkomo zabo.
39 Babuye bancipha, bathotshiswa ngokucindezelwa, nangobubi, nangosizi.
40 Wathela ukudelelwa phezu kwezikhulu, wabazulazulisa ehlane elingenandlela.
41 Nokho waphakamisa ompofu, wamkhipha osizini, enza imindeni njengomhlambi.
42 Olungileyo uyakukubona, ajabule; ububi bonke bumelwe ukuvala umlomo.
43 Ohlakaniphileyo makaqaphele lokhu; bayakuqonda umusa kaJehova.