0:00
0:00

Isahluko 85

Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora; Ihubo. Jehova, wabusisa izwe lakho, wambuyisa uJakobe ekuthunjweni.
2 Wasusa icala labantu bakho, wasibekela zonke izono zabo. Sela
3 Wamukisa yonke intukuthelo yakho, waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho.
4 Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu, ulahle ukusicanukela kwakho.
5 Uyakusithukuthelela njalonjalo na? Uyakwelulela ulaka lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane na?
6 Awuzukusivusa, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe, na?
7 Sitshengise umusa wakho, Jehova, usiphe insindiso yakho.
8 Mangizwe lokho uNkulunkulu uJehova azakukukhuluma; uyakhuluma ukuthula kubantu bakhe nakubo abamesabayo; mabangabuyeli ebuwuleni.
9 Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo, ukuze kuhlale udumo ezweni lethu.
10 Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula.
11 Kuyakuhluma iqiniso emhlabeni, kulunguzele phansi nokulunga kwasezulwini.
12 Yebo, uJehova uyakuveza okuhle; izwe lethu liyakuthela izithelo zalo.
13 Ukulunga kuyakuhamba phambi kwakhe, kwenzele izinyawo zakhe indlela.