0:00
0:00

Isahluko 136

Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2 Bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
3 Bongani iNkosi yamakhosi, ngokuba umusa wayo umi phakade;
4 yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
5 owenzile izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
6 owendlala umhlaba phezu kwamanzi, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
7 owenza izinkanyiso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
8 ilanga ukuba libuse emini, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
9 inyanga nezinkanyezi ukuba zibuse ebusuku, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
10 owalishaya iGibithe, amazibulo alo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
11 owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
12 ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
13 owahlukanisa kabili uLwandle Olubomvu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
14 owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
15 owachitha uFaro nempi yakhe eLwandle Olubomvu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
16 owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
17 owashaya amakhosi amakhulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
18 owabulala amakhosi adumileyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
19 uSihoni inkosi yama-Amori, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
20 no-Ogi inkosi yaseBashani, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
21 owanika izwe labo laba yifa, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
22 laba yifa lika-Israyeli inceku yakhe, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
23 owasikhumbula sisephansi, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
24 owasikhulula ezitheni zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
25 onika inyama yonke ukudla, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
26 Bongani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.